Ukuthwasa

10,393 views
Skip to first unread message

Umsamo Global Society

unread,
Sep 5, 2011, 12:18:30 PM9/5/11
to Umsamo Global Society

UKUTHWASA - ITS MEANING AND PROCESS


Ukuthwasa into eza ngoba uiyphiwa ngabadala futhi kungukuthi leso
sithunywa sitshenziswa abanikazi bempande kanjalo nabanikazi bomsamo.
Lapha ekuthwaseni umuntu ufike ahlushwe umoya othize, okudinga ukuthi
kutholakale ukuthi moya muni. Zimbili izinhlobo zemimoya ezaziwayo
KwaZulu esingathi imimoyua yesiNguni, Umdiki okulithong laseKhaya
kanjalo noMdawe kulithongo lokufika. Lapha sichaza ukuthi izikhwama
ziza kabili, zingeza ngowesifazane owongokufika emzini ezgana, kumbe
owasekhaya kini lapho izikhwama unikwa khona. Kukaninngi-ke le mimoya
ididaniseka. Bese kuba khona umoya okuthiwa nguMnono, lona omoya
okjuthiwa Isindawe, umoya waseNhla kwelase e Afrika. Ilokhu esithi
abalozi empande yakhona ayikakatholakali.

Int esuke ibe buhlungu-ke ukuthi umuntu uma ephethwe ilomoya, bayaye
sebemthwasisa ngesiNguni okugcina esaba yimpuphu uyohlakle uzwa umuntu
ethi kunini ngangidla amagobongo kodwa ngibaboni luthu.Ilokho-ke
"wrong Medicine for a wrong illness"

Okwesibili kukhona ukuthi umun tu kuthiwe uzothwasa kanti akukho
lapho. Nazi izinto esivamise ukuthi siziphazamise, Igama okufanale
uqanjwe lona. Lapha kukhona umuntu othola ukuthi kwakufanele ukuthi
aqanjwe ngegama lothize omdala emndenini, kungaba iklhehla, kumbe
ialukazi. Uma uhlola lapha phansi bese kuvela umuntu omdala kube
sengathithi lowo muntu kufanele athwase kanti cha, kufanele agqoke
leligama nje kuphela bese kuphela. Ilokhu-ke abantu abaningi abayaye
balande uhlanya athi luzolungisa umndiki ezinganeni zakhe kanti into
engekho yonke leyo. Okwesithathu, uthole umuntu wazaalwa embethe,
lokhu kweambhatha okusho ukuthi lomuntu owaphuma nawe kufanale
ukuithi adliswe nje impande yakhe bese kuphelile hayi ukuthi uthwase.

Okunye okuyindida enkulu ekuthwaseni ukuthi umuntu ozokuthwasisa
uyakhonjiswa abadala kumbe labo abakuphethe. Kuthi-ke noma
sebekutshengisile, yibona futhi abakhmba indlela. Sengizwe
kaninginingi abantu abathwasa kumbe abasathwasa bethgi mina
ngiyaphupha, kodwa uma ngabe ngitshela ugobela wami yena uvele athi
nje ayikhio leyonto wena lalela okuzoshiwo yimina. Nakhu engithanda
ukuthi ngikusho akekho umuntu othwasisa omunye ngaphandle kwethongo
lakho. Lona othunywe kuyena usuke nje yena ekhponjelwe ukuthi
ashayelele isitembu ngempande osuke uboniswe yona. Ngakhpo-ke uma
uthwasa okuthwasisayo engazimisele ukulandela amaphupho akho
nokuboniswa abakini, shiya phansi. Umuntu uthwasiswa abakubo.

Ekuthwaseni-ke bathathu abantu abasuke bekuwe: Isithunywa, konye
izithunywa, Umnikazi/abanikazi bempande, bese kuba abanikazi balobu
buhlanya, esingathi izinkakha zesiGodlo sakho. Kufanele okuthwasisayo
ngamaphuphp omtshela wona akuchazele konke lokhu. Futhi bazi ubuhlanya
onakho ukuthi buwela ngakuphi ngakubo kamama kumbe ngakubo kababa.

Ukuthwasa-ke akunasinqumo noma usuphothuliwe, umamo uhlale ukhula
njalo futhi uyolokhu ukhula njalo nje. Izinhlanya-ke zihlukene kanje:
Isangoma, ongenwe ithong lengoma, ngengoma, Abalozi, ithongo omlozi,
lijulile-le lona lihlala emanzini isikhathi esiningi. Kube iSanusi,
lena inkakha yabalozi eboniszizazo. Oboniswa ikusasa linjani
ababikezela izehlakalo ezizayo. OkaMadondo, owa veza isenzo senkosi
uShaka wayeyisanusi. Bese kuba nguMhlahlo. Laba bantu abasatholakali
mpelempela, bangcono abalozi bsathe gqagqwa lapha nalaphaya. Kodwa
laba lutho. Ababebiza igama lomuntu laba kungabi ndaba zalutho.


Ukuthwasisa-ke akwenziwa yinoma ngubani, kodwa ngumuntu osuke
esephathisiwe ukuthi angathwasisa lento ifana nokukhushulwa esikoleni.
Awuphathiswa nje ngentando yakho kodwa kusho lona ithongo litshela
ugobela wakho ukuthi lona mphathise. Ngakho ubhasobhe uma uyothwasa
kungenzeka ukuthi uthwasisa ngumuntu on gaphatjhisiwe. Kungakho-ke nje
idlpzi lizikhombela lona umuntu ngoba lisuke selihambile layobheka
ukuthi lowo unay yini impande yabo kanjal futhi uphathisiwe na.

Uma usuthwasa-ke kufanele ukuthi idlzi likhulume ngazozonke izindlela.
Lokhu kuqala nje usadla impande yakhona kungaba iGOBONGO kumbe
iBHUDLU.

Zintathu-ke izinto ezenza ukuthi zibe nezimbumba zezinhlanya
namhlanje:

(i) Ukuthwasa kanti bekungafanele kuphela nje unab abadala kodwa
abazona izinhlanya kufanele nje ukuthi lowo okuwe adle impande yakhe
kumbe ufuna igama lakhe kuwe liphile.
(ii) Ukuthwasiswa umuntu ongwazi lowo moya. Kwandile-ke lokhu yikhon a
osekubulale ilizwe lonke.
(iii) Ukungalaleli imibpono yethwasa lapho lithwasa.

Kuningi-ke abantu okuvela kubo bese kugijinywa kuthiwe unomndiki,
ngoba kushiwo lezi zinto ezibalwe ngasenhla. Into kuthiwa isifo
ayikho, kuphela nje kufanele ukuthi kube neqiniso lapho kubhulelwa
umuntu okufanele ukuthi angeniswe ephehlweni bese engeniswa entwaseni
kamuva.

Miningi-ke imibuzo esingayiphendula laphonawe unenkinga nenkinga,
ngoba zehlukile. Leli ijuphe nje esingaphawula, sibuze futhi ngalo.

Sithunzi ka Nsele

unread,
Sep 12, 2011, 4:43:53 AM9/12/11
to Umsamo Global Society
Khabazela namalunga!

Encazelweni emayelana nesihloko esingenhla ubeke ngangokuthi umuntu
ofanelwe ukuba luhlanya usuke engenwe ngomunye /ngeminye yemimoya
(uMdiki, uMndawe kanye noMnono) emithathu eyaiziwayo. Umlobi uqhubeka
aveze ukuthi zintathu izinhlobo zezinhlanya (isaNgoma, uMlozi kanye
neSanuse) ezikhona kanye nanokuthi zintathu izinhlobo zezidalwa
(isithunywa / izithunywa, umnikazi / abanikazi bempande kanye
nabanikazi bobuhlanya) ezisuke zithinteka kumuntu ongena ekuthwaseni.
Mina engisafisa ukucaciseleka kukhona Khabazela nalunga, yilokhu
okulandelayo:

1. Ngakube luhlobo luni lomoya olusuke lungene kumuntu onguMthandazi?
Lapha ngiqondise kuloluhlobo loMthandazi okuthiwa uyiSayoni,
nowelapha ngomthandazo kanye nemithi yendabuko (inqubo yangokwesintu
esetshenziswa nayizaNgoma)
nokuwumuntu lona okuthi uma ehlolela (ebhulela) abantu imvamisa
yena usebenzisa amanzi. Nokuwumuntu lona okuthiwa unesiphiwo sikamoya
wesithunywa saPhezulu
(saseZulwini) ohambisana nomoya / imimoya yabadala (abaPhansi).

2. Ngakube luhlobo luni lomoya olusuke likumuntu ochazwe ngamafuphi
lapha ngezansi?

2.1 Umuntu ozelwe embethe (enqwambile emzimbeni) kepha ongakaze aye
kothwasa / ephehlweni kepha onesiphiwo sokuboniswa noma ayalelwe
izinto (njengalokhu zinjalo)
ngamaphupho kwezinye izikhathi aboniswe / ayalelwe izinto
bukhoma (ebhekile).

2.2 Umuntu lona okuthi uma eboniswa / eyalelwa lezi zinto ezikhathini
eziningi kungaveli namunye amaziyo kwizidalwa zakwabo kepha kaningi
kukhuluma futhi uyalelwe ilizwi
eliqhamuka ngaphezulu kwakhe. Kanti uma kungabanga ilizwi
elikhulumayo ephusheni kuyaye kukhulume isidalwa esingumuntu
(ongaxwayeki) omude ngokungenhla kwakhe
yena lona oboniswayo.

2.3 Lezi zibonakaliso ayaye ambulelwe zona lomuntu ziyaye zifezeke
masinyane kanti ezinye njalo zithatha iminyaka ukufezeka.

2.4 Umuntu lona oke ayalelwe yisithunywa / izithunywa ukuba akhe
amanzi bese ewakhulekela ukuze kwelaphake isifo esithile esikomunye
umuntu nokuyiso mhlasimbe osekukade
sasibashikashika abanye abelaphi, nembala kuthi angakwenza lokho
lowo oyisigulana alapheke ngokushesha kulolo hlobo lwesifo
ebesimkhungethe.

2.5 Ezikhathini ezithile, lomuntu uke ehlelwe yisipho sekhono lokwazi
ukuchaza noma ngayiluphi uhlobo lwephupho elilethwa kuyena kepha lesi
siphiwo sibuye sinyamalale nje
esithubeni futhi kuthathe isikhathi eside ukuba siphinde sibuye.

2.6 Lesi siphiwo sakhe somoya / semimoya siqalise ukunakeka kuyena
ngowe-1996 ngenkathi esebhandeni (lokuzila ukudla) lezinsuku
eziyisikhombisa ehleli phezulu entabeni
thizeni nayayekhulekela ekuyona. Okwathi ngesikhathi esalele
phakathi kwamabili esekhona lapho kuyona lentaba, bheka kweza
ngokundiza amajuba wokufuywa ayayebalelwa
enani elevile nje eshumini ngokwesibalo, lamajuba wabe esehlala
cababa ngokukhululeka ngaphambi kwakhe. Khona manjalo kwabe
sekuqhamuka ilizwi ngaphezulu kwakhe
lamyalela ukuba angazithathela kuwona inani alithandawo,
nokuyilapho yena akwazi ukuthabatha amabili kuphela walawo majuba
ngokugona ngalinye ngaphansi kwekhwapha
lakhe langakwesokudla nelinye futhi ngaphansi kwekhwapha
lakwesokunxele sakhe, wabe esephaphama. Sekusile, ngalolo suku wehla
entabeni, wanqamula ibhande lokuzila
ukudla ayekade ekulona kodwa nokwasekuwusuku lwesithupha lolo.
Lesi siphiwo salomuntu sabe sesiqala ukunakisiseka ukusukela
ngalolosuku.

2.7 Kusukela ngaleyo nkathi lomuntu ubesenkolweni yobuKrestu
(obungalandeli inqubo yenkambiso yenkolo namasiko omdabu). Kwaze
kwathi ngowe-2010 wayalelwa esephusheni
yilona ilizwi ukuba ahambe ayobonana nowesimame mumbe
owuMthandazi oyiSayoni esilandela futhi sibe silapha nangokwenqubo
yenkambiso yesintu, nokunguyena
loMthandazi owayezomazisa ukuba kufanele enze njani. Kube ngalo
belu lona lolusuku lapho lomuntu athathe khona isinqumo sokushiya
phansi lenqubo yenkolo yobuKrestu
ayeseyilandele iminyaka eyi-18 yonke waguqukela kwinkolo yeMvumo
YakwaNtu, nokuyisinqumo lesi asithatha nangemuva kokuzenzela ucwaningo
lwakhe olunzulu olumayelana
nodaba lwendabuko yenkolo.

(a) Kulona leliphupho lomuntu uboniswe elukelwa intambo
(ewuqotho) ende ebomvu yokugagxa entanyeni ukwehlela ngesingezansi.
(b) Kulona leliphupho lomuntu ukhonjiswe amabhulukwe ayizikhindi
(elibomvu nelimpunga). Wabuzwa ukuthi yena angakhetha ukuqgoka lawuphi
wona umbala kulamabhulukwe
amabili, nokuyilapho yena wakhetha obomvu nakuba akuveza
futhi ukuthi kanti nawo lowo ompunga akanayo inkinga ngawo. Wase
eyalelwa-ke ukuba usenokuwagqoka
omabili ngokuwashintshanisa bese embathe isikibha
esimhlophe ngesingenhla yikhona ezogagxa lendobhi (intambo ebomvu)
entanyeni.

2.8 Nembala umthungathile waze wamthola lomame owuMthandazi oyiSayoni
waze wamthola ekuyona lendawo (abeyalelwe yona ephusheni) abeqala ngqa
nokulibhada kuyona
lomuntu. Lomuntu ufike loMthandazi ethi usemlindele wathi
ubesetsheliwe ukuba akamlindele. Nembala uMthandazi wabe esegeqa
amagula ngezigigaba nezehlakalo azaziyo
nangazazi lomuntu. Wathi kufanele lomuntu athathe umsebenzi
abelwe wona wokusebenza abantu ngoMTHANDAZO kanye NOMOYA WABADALA.



On Sep 5, 6:18 pm, Umsamo Global Society <umsamoglo...@gmail.com>
wrote:
Reply all
Reply to author
Forward
0 new messages