Izincazelo Zamaphupho Pdf

0 views
Skip to first unread message

Jenn Smotherman

unread,
Aug 5, 2024, 2:01:49 AM8/5/24
to summichaswo
Mnelisiamaphupho esizulu nezincazelo. Kulepage sixoxa ngokuchazwa kwamaphupho. Uzothola ulwazi ngamaphupho nezincazelo zawo.Ziningi izinhlobo zamaphupho, amanye amaphupho mahle amanye amaphupho mabi. Amanye abaphupho eziwa ngukuthi into usuke uyicabange kakhulu.Ukuphupha izinto ezimbi nakho kumbi ngoba kusuke kubika into enobungozi phakathi.Amanye amaphupho enziwa yimimoya emibi esuke isendlini olele kuyona, uma ulele ezindaweni ekulala abantu abaningi bahambe kuzona njengama resorts, amahotels, ama bnb, izindlu zemiqasho kanye nama lodge, lezondawo kulala khona abantu abaningi abanezilwane nemimoya, kuyenzeka abanye abantu bashonele kulezozindawo bangalandwa.Lokho kwenza ukuthi uma ulele khona uphuphe amaphupho amabi, amapupho lapho ulwa khona, noma usukelwa noma ushawa ngabantu.

Ngabe kuchazani ukuphupha isitimela sihamba emzileni waso. Abanye baphupha bephakathi begibele isitimela. Kumele ubheke isimo sephupho lakho ukuthi iphupho lakho lijabule yini, Isitimela singasho ibhokisi lomgcwabo, uma kade wagcina ukugoduka leliphupho lisho ukuthi goduka uye ekhaya, umzila yindlela eya ekhaya. Ngokwedlozi lesitimela nguwe okumele uhambe ngomzila wedlozi uyothwasa. iphupho elifana naleli likhuluma ngomoya wedlozi. Ukuphupha istimela siphuma kujantshi kungachaza ukuthi uzobhedelwa yizinto uma uqhubeka ngendlela ongahamba ngayo noma isexwayiso sedlozi sokuthi sengathi usuyaphuma endleleni yakho ebeyiqondile.


Ukuphupha ngesibhamu udubula noma kunguwe odutshulwa ngesibhamu noma ukuphupha isibhamu NGiSACELA UKUBUZA Uma uPHUPHE UDUTSHULWA ngabe KUCHAZANi? Kungenzeka uphuphe kunguwe odubulayo kulapho kusho ukuthi kunento ekucasulile, okumele uyikhiphele ngaphandle uxole noma ukhulume nalomuntu okucasulile,unolaka ngaphakathi okumele ulibhodle. Ukuphupha udutshulwa kona kuyinto embi, ukhumbule isibhamu siyinto eyingozi ewumkhokha, isibhamu akumele sibheke ngakuweempilweni yakho, uma uke wakhonjwa ngesibhamu udinga ukubona isangoma, umthandazi noma inyanga. Ukuphupha udutshulwa kuchaza ukuthi kukhona umuthi obhekiswe kuwena,ngamanye amazwi uyathakathwa noma kukhona ogadla kuwena ngomuthi. Uma lomuntu okudubulayo ekugeja, kuchaza ukuthi kukhona umuntu ozama ukukushaya ngesilwane noma ogadla ngomuthi kodwa uyashweba ngenxa yokuthi uqinile.Maningi amaphupho ahambisana nokudutshulwa amanye kubalwa lawa:ukuphupha udutshulwa kodwa ungaphumi igazi ukuphupha udutshulwa emhlane ukuphupha udutshulwa kodwa ungashoni ukuphupha udutshulwa kodwa inhlamvu ingangeni ukuphupha udutshulwa ngabantu noma ngamaphoyisa noma ngamasosha


Ukuphupha isikole,ukuphupha ngesikole noma uphuphe uwumfundi esikoleni samabanga aphansi (primary school) noma isikolo samabanga aphakeme (high school) ukuphupha iskole kusho ukuthwasa noma kusho ukuthi kumele uqhubeke nokufunda empilweni yakho ukuze uphumelele. ukuphupha uqgoke ibhayi or school uniform kunomoya wedlozi phakathi noma isithunywa, uzoba wumthandazi , ukuleke futhi ubenolwazi lokwelapha ngemithi.Ukuphupha usesikoleni uthola ireport, ama results amahle, ujabule lokho kukhombisa ukuthi idlozi lakho lijabule ngawe. Amamanye amaphupho ahambisana nesikole yilawa ukuphupha usesikoleni ubhala isivivinyo (i exam) ukuphupha uthisha owayekufundisa Uma uphupha uthisha? Uma uphupha unguthisha kuchaza ukuthuthuka empilweni okuzayo.


Ukuphupha uqgoke iwashi Lokho kungasho ukuthi kukhona usiko okumele wenzelwe lona, ukuze ufake isiphandla. Zama ukuvakashela isangoma nabathandazi ababonayo uthole ukuthi yini odinga ukwenzelwa yona.


Ukuphupha ugwazwa ukuphupha ugcwazwa kubika into embi, ngicela ufunde kwiphupho lesibhamu, ukugwazwa nokudutshulwa kuyinto ehambisanayo ngokwephupho.konke kubika okubi. Iphupho lokuthi uphuphe uhujwa ngommese limbi.


Ukuphupha ukhala ngabe kuchazani? ukhala UDE UBENESINGQALA noma ukhala uze ube nesibibitshwane Uyaphupha ukhala uma uvika umoya omubi osendlini, okungenzeka endlini kunesipoki, noma umoya ongasile okuhaqayo.Ukuphupha ukhala futhi kuychaza ukuthi uzolungelwa yizinto.


Ukuphupha wenza ucansi ngabe khona kuchazani Ngokujwayelekile uma kade wagcina ukwenza inkonzo yasekamelweni uyaye uyiphuphe uma usuyikhumbule. Lokho kuchaza ukuphupha okujwayelekile.Okunye ukuphupha wenza icantsi kusho ukulalwa isilwane. Abaphupha benza ucansi bathi kumnandi kakhulu ngaphezu kocansi lwangempela,uqaphele, ukuphupha ulalwa isilwane kuyasenza isichitho kumuntu othandana naye, agcine engasakuthokozeli ukuya nawe ocansi.Ungizwe kahle: ukuphupha wenza ucansi akusho ukuthi unesilwane ngasosonke isikhathi, kuyenzeka uphuphe wenza ucansi bese uthola umsebenzi noma uthole imalinoma wenyuselwe esikhundleni. Ngamanye amazwi ukuphupha ucansi kuyasho inhlanhla ezayo eseduze.Uma ungumuntu wesifazane kungenzeka uphuphe ulele nobaba wakho noma nomkhulu wakho noma nomuntu wakini.uma uyindoda kungenzeka uphuphe ulele nomfazi wakho, noma uphuphe ulele nomama wakho noma nomkhulu wakho.Ngesinyeke isikhathi uyaphupha ulele nomuntu ongamazi ongakaze umbone omuhle.Ukhumbule ukushawa izibulo komuntu wesilisa kuyi sign yokuthi usungena ebudodeni sonke sina 12 years singabafana saphupha senza ucansi.


Ukuphupha undiza noma ukuphupha ubhabha uphapha phezulu emoyeni ukuphupha undiza kuhlukene kungenzeka uphuphe undiza kungonakele lutho, lokho kuhle impela. Akunankinga.kusho ukuthi unamandla amakhulu ongawanakile ekumele uwasebenzise , lapha sikhuluma ngamandla emfihlakalo.Ukuphupha undiza kuchaza amandla ophathiswe wona. Isikhathi esiningi abantu baphupha bendiza ngoba bebaleka,uthola ukuthi uphupha undiza ubalekela izinja, noma ubalekela abantu abafuna ukukubamba noma ubalekela abantuabafuna ukukushaya. Kuyenzeka futhi uphuphe wesukelwa izilwane ezifana nezinja, izinkomo, kanye nezinye izinhlobo zezilwane. Uke uzithole undiza weqa amawa konke lokhu kukhombisa amandla onawo okunqoba empilweni.Uma unezinkinga zempilo zama ukubhekana nazo izinkinga ungazibalekeli.


ukuphupha ulwandle, usolwandle emfuleni noma emanzini Ulwandle luhle lunamandla, luyahlanza (clean), ingakho izangoma nabathandazi beya olwandle bayogeza,uyakwazi futhi ukuya olwandle uyokwenza isicelo sakho. Amanzi olwandle akha iziwasho, futhi akha nomuthi.Mahle amanzi olwandle ukuwabeka endlini yakho kuxosha amaphupho amabi. Ngabe ke kusho ukuthini ukuphupha ulwandle?Uma uphuphe ulwandle, vuka ngalolosuku uye olwandle namakhandlela akho amhlophe, uwalayithe ucele lesicelo okade wawufuna sifezeke.Ngokunjalo nokuphupha umfula.ukuphupha uhamba phezu kwamanzi noma uhamba phezu kolwandle, leliphupho likukhombisa ukuthi unamandla angakanani.


ukuphupha uthandaza noma ukuphupha unamandla athile ahambisana nomthandazo Ukuphupha uthandaza kusho ukuthi unamandla okuthandaza, kuyenzeka uphuphe ulandelwa izilwane ezifaka notikoloshenoma izipoki uthi ungathandaza ephusheni zibaleke lezozinto, lokho kukhomba amandla onawo nesiphiwo onaso,lokho kusho ukuthi unesithunywa noma amandla akho asemkhulekweni.


Praying on dreams This symbolises that you have power in praying, sometimes it happens that you dream falling into trouble then when you pray the troubles go away, this shows that you have a gift in praying.This dream might also means that you are helpless, you need a prayer in your life to sort things.


Ukuphupha olunye uhlanga Ukuphupha umlungu umfazi womlungu abelungu abaningi noma ukuphupha indiya.Ukuphupha umlungu kuyahluka, kade ngenza ucwaningo ngibuza abantu abaningi abazi ngamaphupho,abanye bathi ukuphupha umlungu yinhlanhla abanye bathi ukuphupha umlungu yibhadi.Abanye bathi ukuphupha umlungu kukhomba isilwane.Ngokubona kwami kuncike ekutheni umlungu osephusheni lakho ukwenzani noma wenzani. uma ekuncoma noma ekujabulela izinto zakho zizohamba kahle,uma uxabana nomlungu wakho ephusheni kusho ukuthi izinto zakho azizohamba kahle. Uma uphuphe umlungu ekushaya noma ekukwebha isilwane leso kumele uyosikhipha.

nanka amanye amaphupho ahambisana nomlungu Ukuphupha umlungu onqunu noma uhamba naye phela umlungu Ukuphupha isalukazi noma ikhehla lomlungu Ukuphupha uqabulana nomlungu noma wenza ucansi nomlungu


Izimpendulo zabantu ezisuka ku facebook zamaphupho Winnie Mahlangu Nofanezile Ukuphupha imoto kuya ngokuthi iyahamba noma imile 1 ehambayo izinto zakho zihamba kahle kune mpumelelo ezayo epilweni yakho..amanye amaphuphu emoto, ukuphupha ushayela imoto, uhamba nge bus, ukuphupha imoto emhlophe.Imoto emile izinto zakho azihambi kahle zimileUkuphupha ukhala yinhlanhla yinjabulo ezayoUkuphupha I kati yisichitho sengozi yemotoUkuphupha ucansi ulala nesilwaneUkuphupha udutshulwa kunabantu abaku gadla ngemithiUkuphupha amasimba, amakaka, uthuvi kuchaza sichithoImoto egijimayo, ebalekayo ngesivinini isho ulaka lwabaphansiuma kungewena oshayela imoto, kusho ukuthi kukhona abakugadlayo ngemithi


Ukuphuphuma umuntu ongasekho osewashona noma umngcwabo wakhe, okungaba wubaba wakho osashona, umama wakho osashona, ngugogo wakho osashona noma ongasekho, noma ukuphupha umuntu omaziyo ongasekhoyo kodwa umphupha esaphila Ukuphupha umuntu osewashona, ediniwe, noma enza izinto eziphambene kusho ukuthi udinga ukwenzelwa izinto zosikoUma uphupha umuntu ongasekhoyo engenankinga ezihlekela ephatheke kahle, kusho khona ukuthi ujabule lapho ekhona kakukho akhala ngakho okuyisiko.Uma sithi umuntu ushonile sisuke sihloniphisa ukuthi ufile, umuntu uyashona, inkosi ikhothame.




ukuphupha umuntu ongasathandani naye, ukuphupha i x ex yakho, ukuba nephupho lomuntu osewahlukana naye Ukuphupha umntu osewahlukana naye? Kusho ukuthi lowomuntu usuke ekugadla ngemithi, noma usuke ekucabanga ukuthi ubuyelane naye.Kulevideo engezansi sichazile iphupho lapho uphupha owawuthandana naye noma osewahlukana naye ,okungenzeka kube indoda or owesifazane or intombi owajola nayo. Ukuphupha i-x yakho video




Amaphupho enxabano, ukulwa ulwa, ushayana nabantu, ushawa ukuphupha uxabana nabantu abaningi, noma uxabana nomama wakho, noma uxabana nomndeni wakho.ungezwani nobaba wakho, noma uphupha ubethana notata wakho. uxoshwa kini. Inkalankala kuchazani ukuphupha inkalankala emnyama endlini yasolwandle?Kunenkolelo yokuthi inkalankala ichaza ukuthi kukhona omithi/okhulelwe.Inkalankala in english means crab, isilwane esincane esihamba ngokukekela.Inkalankala ihamba ikekele ngenxa yokuthi inesifuba esithambile, umzimba wonke wayo uqinile.Inkalankala in the house isho ukuthi kukhona okhulelwe. Abanye bathi inkalankala isho isichitho.

3a8082e126
Reply all
Reply to author
Forward
0 new messages